SIBUYISE ithemba ezinkampa-nini zabangewabi isimemezelo sikaHulumeni esithi amakhaza akhe asezokwenganyelwa nguMnyango wezeMpilo. Izinkampani zabangcwabi bezi-khala ngemikhonyovu yokudayiswa kwezidumbu, ezithi bekwenziwa ngamanye amaphoyisa eSAPS asebenza emakhazeni kaHulumeni njengoba lo msebenzi kade wenzi- wa yiwo. ILANGA libhale kakhulu ngezikhalo zabangcwabi abasebenzela ePhoenix eNyakatho yeThe- ku ngamaphoyisa asebenzela kula makhaza kaHulumeni. UNKK Nomathamsanqa
|
Majola ongumnikazi wenkampani iKhuthula Funeral Services esebenzela kulu makhaza, uthe ujabule kakhulu ngalesi sinqumo njengoba kade sekulukhani satshe kuye ukuthola umsebenzi wokungcwaba kula makhaza emva kokuphumela kwakhe obala ngokuphucwa yiphoyisa isidumbu ezandleni, okwasolakala ukuthi kwasekukhona elase libathembisile.
Emva kombiko weLANGA ngale nkohlakalo okuthiwa isadlangile namanje kula makhaza, uphiko lwamaphoyisa aphenya ngezikhalo okusuke |
kuthiwe zeziwe ngamanye amaphoyisa, awe-ICD aqalisa uphenyo nalo okungacaci ukuthi lwaphelelaphi, ngoba nephoyisa elagagulwa ngegama ukuthi lenza lo mkhuba udede lisazisebenzela khona kula makhaza.
UNkk. Majola uthe namanje abavulelani mlomo naleli phoyisa njengoba aphumela obala ngelakwenza kuyena. Okunye akhale nhakho uNkk. Majola, ngukushiywa ngaphandle kwezingane abaziqashile ngesikhathi sekuqashwa abantu abazokwenza lo msebenzi
|
ngaphansi koMnyango wezeMpilo. Uthe lo Mnyango bekumele uqale ezinkampanini zabangewabi njengoba kunabantu asebenolwazi olunzulu lokuphatha izidumbu. UMnuz. Pat Pather ongumqondisi KwiPhoenix Funeral Services, naye uthe uyakuthokozela ukuthi lo msebenzi usuzonganyelwa nguMnyango wezeMpilo, ngoba wake wezwa ngezikhalo zozakwabo ukuthi abasawutholi umsebenzi ngenxa yamaphoyisa okuthiwa asegwazelwa ngezinye izinkampani ukuthola izidumbu ezizozinggewaba. |
Ngesikhathi ILANGA lithinta uMqondisi Bala Naidoo wamaphoyisa ukuzwa ngophenyo olwalwenziwa ePhoenix, uthe akuthintwe uKapteni Gugu Sabela yena ongatholakalanga kuselula yakhe. Okhulumena uMnyango wezeMpilo kuzwelonke uMnuz. Sibani Mngadi uthe bayazi ngalezi zikhalo zabangewabi, wathi uMnyango wakhe uzoqinisekisa ukuthi yonke into ihamba ngohlelo njengoba sekuyiwo uMnyango owengamele lo msebenzi. |